KUQINISEKISIWE: U-Atul Gupta ungumvoti wakuleli obhalisiwe - IEC

2018-03-07 18:00

Cape Town - Umuntu othile ongu-Atul Gupta nebala ubhalisiwe njengomunye wabantu abasemabhukwini ezakhamuzi zakuleli ezivotayo, kuqinisekisa abe-Electoral Commission of South Africa ngoLwesithathu.

ISekela likaSihlalo we-IEC uTerry Tselane, uthe kungenzeka ukuthi lo muntu wakwaGupta wabhalisela ukuvota esikoleni samabanga aphansi esiseSaxonwold.

OLUNYE UDABA:UMotsoaledi uthi eyakwa-Gupta ibifana nekhadi lasebhange lokukhipha imali kwi-ATM

I-IEC ithe abavoti kufanele kube yizakhamuzi zakuleli futhi babenomazisi oluhlaza noma ikhadi (smartcard).

"Kubonakala sengathi ukubhaliswa kwakhe kusemthethweni," esho.

Ngesikhathi kuqhubeka isithangami sezindaba ngoLwesibili, uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uMalusi Gigaba uthe izelamani zakwaGupta ezingondabamlonyeni kuleli kazizona izakhamuzi zakuleli ngoba zanqaba ukulahla ubuzwe bazo baseNdiya, naphezu kobufakazi obuphikisayo.

UMnyango usukhiphe isitatimende wathi uGigaba "wenze iphutha" ngesikhathi ethi lezi zelamani kazinabo ubuzwe bakuleli.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.