Kuqinisekisiwe ukushona kowesilisa oshokwe wugesi esitimeleni

2017-12-01 08:35

Cape Town - Owesilisa ushokwe wugesi esitimeleni sakwaMetrorail elokishini laseNyanga ngoLwesine ekuseni.

AbakwaMetrorail bakuqinisekisile ukushona kwalo mlisa ngemuva kokuthi izithombe zakhe elele ebheke phansi ephezu kwesitimela zisabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Igama lakhe belingakadalulwa okwamanje njengoba bekungakaqinisekiswa ukuba umndeni wakhe uyazi ngalokhu okwenzekile.

Ngesitatimende esikhishwe wuMphathi wakwaMetrorail kulesi sifunda uRichard Walker unxuse abagibele ukuba bangabeki impilo yabo engcupheni ngokuma la bengafanele ngabe bami khona nokuthi bangene kujantshi besibona siqhamuka.

OLUNYE UDABA:Ugwazwe esinqeni obengena ngewindi esitimeleni

"Kunobungozi lokhu kanti abagibeli bakujwayela ukubeka impilo yabo engcupheni, lesi sehlakalo siwubufakazi balokho,"kusho yena.

Ngokombiko we-Railway Safety Regulator, bangu-495 abantu abashonele ezitimeleni phakathi kuka-2016/17 kanti bangu-2 095 abalimele.

Isifundazwe saseWestern Cape singesesibili esinezingozi ezinkulu ezidlula nemiphefumulo yabantu, kanti ilandela iGauteng.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.