Kuqinisekiswe ukudlula emhlabeni koqweqwe lomlingisi

2017-08-07 12:33

Johannesburg - Umndeni kaMary Makgatho ngoMsombuluko ekuseni uqinisekise ukudlula emhlabeni kwale nkakha yezokulingisa ngemuva kwezinkinga kulandela ukuwa ngoJulayi.

UCarlynn de Waal-Smit oyimenenja kaMakgatho ekhuluma neTshisaLIVE, uqinisekise ukudlula emhlabeni kwalo mlingisi kulandela ukuchitha amasonto ambalwa esibhedlela.

"Kuyiqiniso, ngiqeda ukukhuluma nodadewabo uRose, oqinisekise ukudlula kukaMakgathio emhlabeni. UMakgatho wangeniswa esibhedlea egunjini labagula kakhulu ngomhlaka-10 Julayi ngemuva kokulimala kulandela ukuwa," usho njalo.

OLUNYE UDABA:EZINGENA MANJE: Sekushone umlingisi weRhythm City kwesokuduna

UNgqongqoshe wezoBuciko namaSiko uNathi Mthethwa ubhale enkundleni yezokuxhumana iTwitter edlulisa amazwi enduduzo emndenini walo mlingisi.

"Sithi alwehlanga lungehli kwabathandiweyo bale nkakha yomlingisi engumngani wami uMary Makgatho, osesishiyile," usho njalo.

Lo mlingisi ubedume kakhulu ngezindawo abezidlala emdlalweni yakumabonakude okubalwa kuyo, iYizo Yizo, iGenerations, yiRhythm City neminye yaku-e.tv, i-eKasi: Our Stories.

 - SowetanLive


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.