Kuqinisekiswe ukudutshulwa kwemenenja eSakhumzi

2017-01-30 11:31

Johannesburg - Amaphoyisa aseqinisekise ukushona kwemenenja yasendaweni yokudlela iSakhumzi, edutshulwe yabulawa ngesikhathi kuphangwa ngeSonto.

Le ndawo yokudlela ikuVilakazi Street eSoweto. 

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa aseKliptown uCaptain Hitler Ngwenya, amadoda amathathu afike kule menenja eneminyaka engu-60 ubudala afuna ukungena kule ndawo ngodli.

OLUNYE UDABA: Sesihoxisiwe isinqumo sokwelula amahora okudayisa utshwala

"Kuthe uma inqaba, enye yala madoda amathathu yakhipha isibhamu yadubula imenenja," kusho uNgwenya.

Le menenja ihlonzwe njengeshonile endaweni yesigameko kanti amadoda amathathu wona asagcwele inkalo. Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sehlakalo.

Umnikazi wale ndawo, uSakhumzi Maqubela, akatholakalanga ukuphawula.

Ekuqaleni kwale nyanga, le ndawo ibisematheni ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwezinsolo zokuthi umasipala waseKurhuleni uchithe imali engu-R76 191 ekudleni nasotshwaleni ngemuva kokuba i-ANC igubhe iminyaka engu-105, e-Orlando Stadium, eSoweto.

- The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.