Kuqiniswe ezokuphepha esikoleni kulandela ukugwazwa komfundi

2017-08-18 18:00

Cape Town - Kuqiniswe ezokuphepha esikoleni kulandela ukugwazwa komfundi kamatikuletsheni ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokubhalwa kwezivivinyo.

Kusolakala ukuthi isigameko sihlobene nodlame lwamaqembu ezigelekeqe angazibekile phansi eKapa.

UMnyango wezeMfundo eWestern Cape uthi kufike abantu abathathu esikoleni bangena ehholo lesikole iZandvlite High ngasekuqaleni kwesonto bafike bagwaza umfundi owenza uGrade 12.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe umfundi,15, emagcekeni esikole

Lo mfundi usephumile esibhedlela kanti usesimeni esikahle.

Okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uJessica Shelver, uthe isikole sivaliwe kusukela kwenzeka isigameko ngezizathu zokukhathazeka ngezokuphepha.

"Kudingeke ukuthi kuqiniswe ezokuphepha kulesi sikole kuphinde kululekwe abafundi ngokomqondo."

Lesi sigameko silandela esangenyanga eyedlule lapho kudubuleke khona umfundi owenza uGrade 10 esesikoleni iBonteheuwel High School, eKapa, walimala.

Inhlamvu yangena ngewindi ekilasini kwalimala umfundi oneminyaka engu-23 ubudala emlenzeni.


 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.