Kuqubuke ingxabano kubangwa imali yomnikelo

2017-12-21 16:00

Durban - Sekuqubuke inkombankombane phakathi kowesifazane onenhlangano engayenzi inzuzo eMlaza, eningizimu yeTheku nomphostoli webandla iFaith in Action kubangwa imali yomnikelo.

Le mali ebangwayo kuthiwa ikhishwe ngosuku le nhlangano kaQavile Duma, iSingle Ladies, yenze inkonzo yokuvala unyaka khona eMlaza ngoMgqibelo esiphuma kuwona.

Kubikwa ukuthi kule nkonzo kukhishwe imali “kwahlatshiswa” ngayo uMphostoli Lungi Nyathi obelekelela ngesikhathi kuhlelwa lo mcimbi.

Ukukhishwa kwale nkece kuthiwa kuthukuthelise uDuma wathi ufuna ibuye ngoba bekumele ikhokhele abantu abebeqashiwe okubalwa kubona nabanikazi bezinsimbi.

UDuma uthi uqale ukwazi uMphostoli Nyathi kuFacebook, nguyena umphostoli ozethule kuyena wamtshela ukuthi uyafisa ukumlekelela kulo mcimbi abewenzile.

Uthi baqale lapho ukwazana wamthembisa nokuthi uzofika nosomabhizinisi abazoxhasa lo mcimbi njengoba ubuhlanganisa nenkonzo phakathi.

"Ngesikhathi uMphostoli Nyathi eqala ukukhuluma nami kuFacebook, ungitshele ukuthi uzwile ngenkonzo yokuvala unyaka ebengiyihlelela umhlaka-16 Disemba. Ngenxa yokuthi siyabadinga abaxhasi njengenhlangano, ngivumile ukuba abeyingxenye yale nkonzo ngoba siyaye siqoqe nemali ezosiza izingane ezingenawo umfaniswano wesikole ngonyaka olandelayo.

"Ungitshele ukuthi uzofika nosomabhizinisi abazonikela ngo-R500 umuntu ngamunye, afike nokudla azonikela ngakho kubantu. Sihlelile konke ngaya nasemsakazweni womphakathi ngabatshela ngalokhu, ngabiza wonke amalunga enhlangano ngawachazela ngalezi zindaba ezimnandi.

"Kuthe ngelanga lomcimbi, wafika ehamba nomunye umuntu wesilisa ogxile ezinkulumeni ezakhayo. Ukhiphe u-R800 wangitshela ukuthi mangithenge inyama ukuze sizophekela abantu abahambele inkonzo," kusho uDuma.

OLUNYE UDABA:Umculi wowokholo eThekwini udle phansi nemali yomnikelo emngcwabeni

Uthi ngesikhathi ematasa yena elungisa okuya ngasethunjini, umphostoli uvele waqoqa imali yomnikelo emalungeni enhlangano ngaphandle kokumazisa yena njengomhleli womcimbi.

"Ngizwe esehambile umphostoli ukuthi kade eqoqa imali, lokhu kungidumaze kakhulu ngoba imali esiyiqoqa kule nkonzo isuke izokhokhela abantu abasiphekelayo nabezinsimbi ezisuke zidlala bese kuthi esalayo igcwalisele esikhwameni ukuze kuzothengelwa izingane eziswele umfaniswano ngoJanuwari.

"Okunye okungixakayo wukuthi manje akasazibambi izingcingo zami, kunalokho ungithumelela imiqhafazo engisabisa ukuthi mangimuyeke ngoba usengivulele icala lokumehlisa isithunzi. Engikufunayo nje wukuthi abuyise imali yenhlangano ngoba nabantu ebesibaqashile ngelanga lomcimbi kabakhokheliwe," kusho yena.

UMphostoli Nyathi uthe kungamanga aluhlaza cwe okushiwo nguDuma ngoba yena ubezama ukumsiza njengowesifazane.

Uthi uqale ukuzwa ngaye emsakazweni wabe esexhumana naye ngoba enenhloso yokumsiza.

"Into efike yangixaka ngaye wukuthi ubehlala engifuna imali, kangangoba uze wangithumelela inombolo yakhe ye-akhawunti yasebhange ethi ufuna ukuyokwenza isimemezelo emsakazweni.

"Ngisho ngelanga lomcimbi ungifune imali ethi kuzoshoda inyama, ngakhipha u-R800.

Le mali akhuluma ngayo athi ngiyithathile, ngiyiqoqelwe ngamalunga ebandla ngoba ethi ayangamukelisa athi ngifake uphethiloli njengoba konke ebengikwenza bengisebenzisa imali yami futhi ngingabheke luthu ngalokho," kusho yena.

Uthi baningi abantu abebemxwayisa ngoDuma kodwa waqhubeka ngoba ebona ukuthi uxakekile.

"Mina bengithi ngiyamsiza ngingazi ukuthi uzokwenza lokhu. Kuyimanje ufake isithombe sami enkundleni yezokuxhumana uWhatsApp utshela abantu ukuthi mina ngiyiqola, konke lokhu kuwukungehlisa isithunzi.

"Uma eqhubeka nalokhu, nani niqhubeka nokubhala lolu daba, ngizovula icala ngoba ungehlisa isithunzi, nani ngiyanixwayisa ukuthi uma niqhubeka, ngizothatha izinyathelo,” kusho yena.

Uveze ukuthi akazange abathole abaxhasi ngoba abantu abaningi bayamazi uDuma ukuthi akathembekile, kakhulukazi uma kukhulunywa ngemali.

“Le mali akhuluma ngayo wu-R600 futhi uma eyifuna nguzomnikeza yona," kusho uMphostoli Nyathi.

USolwazi Thandazani Mawela obekhona ngelanga lomcimbi, uvumile ukuthi kunemali eqoqiwe kodwa wathi akanakanga ukuthi ngubani ophakamise lokhu.

Uthi naye unikelile ngoba kujwayele ukwenzeka uma kuyinkonzo enjengalena.

UJoshua Zitha naye obesenkonzweni, uthi yena ucelwe nguMphostoli Nyathi ukuba amuqoqele umnikelo njengoba ubelekelela ukuba kuhlelwe lo mcimbi.

"Mina engikwaziyo ukuthi ngicelwe ukuba ngibe yingxenye yomncimbi, uMphostoli Nyathi ngokwazi kwami nguyena obelekela uDuma ngokuhlela umcimbi njengoba yena ubengenayo imali.

"Ngelanga lomcimbi, ngicelwe nguMphostoli Nyathi ukuba ngiqoqe imali ukuze ezokwazi ukufaka uphethiloli. Kuleyo mali unginikeze u-R100 ukuze nami ngizokwazi ukugibela. Uma ngingaphosisi imali esiyiqoqile wu-R600 kuphela," kusho uZitha.

 - ILANGA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.