Kuqubuke umlilo esitimeleni kwalimala abantu abangu-11

2017-02-11 08:05

Hong Kong - Kuqubuke ilangabi esitimeleni eHong Kong ngesikhathi sesiphithiphithi ngoLwesihlanu, kwalimala abantu abangu-11, kusho amaphoyisa.

Ngokusho kwabezindaba i-RTHK amaphoyisa athi alandela ubufakazi obuveza owesilisa sengathi uyena ozokhele umlilo. Akucaci kahle ukuthi le ndoda ibihloseni.

OLUNYE UDABA: BUKA: Udokotela ekhipha ikokoroshe liphila ekhanda lowesifazane

Kubizwe abe-Counter Terrorism Response Unit endaweni yesigamek.

Abagibeli ababili batshele iReuters ukuthi isitimela besihamba emgodini sidlula kuVictoria Habour sibheke enxanxathela yezitolo iTsim Sha Tsui ngesikhathi bebona intuthu eniningi.

I-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana kubonakala sengathi le ndoda izokhele yona ngomlilo phambi kwenqwaba yabantu.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.