Kusadingidwa ngekusasa likaZuma, asikathathwa isinqumo - ANC

2018-01-23 07:55

Johannesburg – Unobhala jikelele we-African National Congress (ANC) u-Ace Magashule uyichithile imibiko ethi isigungu esiphezulu [NEC] sithathe isinqumo sokumkhipha uMengameli Jacob Zuma esikhundleni, wathi amahlebezi nje lawo.

Ezinkundleni zokuxhumana kanye neminye imibiko ibithi nakuba usuku lungakabekwa, i-ANC ivumelene ngokukhipha uZuma esikhundleni ngemizamo yokuba yenze kangcono okhethweni lukazwelonke ngo-2019.

Ekhuluma ngemuva komhlangano we-NEC, uMagashule uthe lolu daba lusakhulunywa kodwa asikathathwa isinqumo.

Kunemibiko ethi uMengameli Zuma uzokhishwa esikhundleni emasontweni ambalwa ezayo kodwa uMagashule uyakuphika lokho.

OLUNYE UDABA: Owayengungqongqoshe uxolisile ngokushona kweziguli

“Asikasithathi isinqumo sokuba uZuma esishiye isikhundla sakhe noma cha. Yinina abezindaba enithi akahambe noma abasezinkundleni zokuxhumana.”

UMagashule uthe isinqumo mayelana nokuthi uZuma kumele ehle yini esikhundleni sizoba phakathi kukaMengameli uqobo lwakhe kanye nomengameli we-ANC uCyril Ramaphosa.

Uthe awukho emnqamulajuqu obekiwe ngaloludaba, wabe esenxusa ukuba banikezwe isikhathi njenge-ANC njengoba kusaqhubeka izingxoxo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.