Kusamisiwe ukufunda eMahikeng kulandela imibhikisho

2018-04-24 07:32

eMahikeng - Ukufunda kanye nezinye izinhlelo zisamisiwe njengoba kuqhubeka umbhikisho endaweni yase-Itsoseng ngaseMahikeng.

Umphakathi wakule ndawo ufunge wagomela ukuthi uzoqhubeka nemibhikisho kuze kube wukuthi uyasuswa uNdunankulu uSupra Mahumapelo esikhundleni sakhe.

“Uyabona ukuthi izingane ziyajikiswa ezikoleni kanti lokhu kuzokwenza ukuthi zisalele emuva ezifundweni zazo.

"Zizobe seziphushelwa phambili kwamanye amabanga ngaphandle kokuphasa,"kusho umzali.

OLUNYE UDABA: I-SAFA inxusa umphakathi ukuba usize kutholakale 'izixhwanguxhwangu' kolwaseMoses Mabhida

Abasolwa abangu-23 baboshwelwe amacala okulimaza impahla yomphakathi kanye nodlame lwasemphakathini ngesikhathi kunombhikisho eMahikeng.

Le mibhikisho ishiye kumosheke kakhulu kuleli dolobha ngoba izikhungo eziningi zikahulumeni kanye nezikole kuphoqeleke ukuba kuvalwe.

Kubuye kwalinyazwa izitolo ngesikhathi ababhikishi bezingenela bezitapunela abakufunayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.