Kusaqhubeka ukuthungathwa kwamadoda abamba inkunzi imoto yemali

2018-03-26 14:00

Johannesburg - Ukuthungathwa kwabasolwa ababamba inkunzi imoto yemali eHoedspruit behlomile kusaqhubeka, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Imoto yemali yayihamba ku-R40 isuka e-Accornhoek ibheke eHoedspruit ngesikhathi kuthushuka izimoto ezimbili, eyohlobo lwe-VW Amarok neToyota Corolla, zigcwele abantu phakathi.

"La bantu bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise emotweni, umshayeli wagcina ehlulekile ukuyilawula yabe isiyagingqika," kusho ult-Col Moatshe Ngqoepe ngeSonto.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kuthungathwa abagebenge imoto yemali ku-N4 ePitoli

"Abasolwa bagcina beyiqhumisile imoto yemali bathatha isamba semali esingaziwa ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.

"Ngesikhathi sesigameko, kwalimala kanzima onogada ababili, baphuthunyiswa esibhedlela beyokwelashwa."

Onolwazi ngemininingwane engasiza amaphoyisa uyacelwa ukuba axhumane noCaptain Richard Boshomane ku-079 894 5501 noma ashayele iCrime stop ku-08600 10111, noma athumele umqhafazo ku-32211, okanye aphuthume esiteshihi samaphoyisa esiseduzane, kusho uNgoepe.

 -  ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.