Kusaqhubeka ukuthungathwa kwesosha 'elibulale' intombi nomngani

2017-02-01 10:00

Cape Town – Isosha leSouth African National Defence Force (SANDF) elisolwa ngodubula libulale intombi yalo kanye nomngani wayo wesifazane, lalimaza abanye ababili, lisagcwele izinkalo namanje ngemuva kwesehlakalo sangoLwesibili.

Okhulumela i-SANDF uBrigadier General Mafi Mgobhozi ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abesathungatha umsolwa ngezithuba zabo-22:00 ngoLwesibili.

Esitatimendeni uthe: “ISouth African National Defence Force iyakuqinisekisa ukuthi elinye lamasosha ayo lidibule labulala intombi yalo kanye nomngani wayo wesifazane, lalimaza abanye ababili kulesi sigameko, okubalwa kubona nephoyisa ebelizama ukungenelela, eNtuzuma, ngaphandle kweTheku."

OLUNYE UDABA: Abantu baseNingizimu Afrika bayangithanda - Hlaudi

ISouth African National Defence Force ithe leli sosha belisebenza ngaphansi kwe-8 South African Infantry Battalion (8 SAI) e-Upington, eNorthern Cape, kanti beliphethe isibhamu sohlobo lwe-R4 ngesikhathi sesigameko.

Ngokusho kwamaphoyisa, sekujutshelwe uphiko lwe-Tactical Response Team (TRT) ukuba luthungathe leli sosha.

Kuphinde kwajutshwa nethimba lamaphoyisa elingaphakathi emasosheni endaweni yesigameko.

 - ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.