Kusathungathwa umfundi wesine odabeni lokulwa kwabafundi esikoleni KZN

2017-08-22 16:03

Richards Bay - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asathungatha umfundi wesine osolwa ngokubandakanyeka empini eqoshwe kwi-video esikoleni iRichards Bay Secondary, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane ngoLwesibili, uthe basathungatha umsolwa wesine kulandela ukuboshwa kwabafundi abathathu ababandakanyeka esigamekweni sangoLwesihlanu wangomhlaka-18 Agasti.

Abafundi abathathu, bonke abaneminyaka engu-19 ubudala - ababoshwe ngoMsombuluko, bekulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni namuhla (ngoLwesibili) ngecala lokushaya.

OLUNYE UDABA:IVIDEO: Abafundi bakhiphelane imimese kwaqhuma nezibhamu behlaselana esikoleni

Kula ma-video amabili aqoshwe esikoleni ngoLwesihlanu, kubonakala iqembu labafana lihlaselana ngemimese nangocelemba.

UZwane uthe ngesikhathi kuseshwa abafundi, abanye babo batholakale nensangu encane kodwa akekho oboshiwe kubona.

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMthandeni Dlungwana, ovakashele kulesi sikole ngoMsombuluko utshele abafundi ukuthi uMnyango uzoqinisa isandla kulabo ababonakala kule video.

UDlungwana uphinde wathi uma kunesidingo uMnyango uzobaxosha abafundi ababandakanyeka kule mpi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.