Kusazoba nzima kubathengi bakuleli

2017-06-16 12:59

Durban – Abathengi baseNingizimu Afrika bangase bazithole sebekhokha inzalo ethe xaxa uma beyoboleka imali emabhange akuleli emuva kokunye ukwehliswa komnotho wamabhange okwenziwe ngabakwaMoody’s.

Le ejenti ehlaziya isimo somnotho, yehlise amabhange akuleli esuka ku-Baa2 aya kuBaa3, okusho ukuthi asesesigabeni sokugcina ngaphambi kokuba afinyelele kwesovucu.

Amabhange athintekile kulokhu kwehliswa kubalwa iStandard Bank, iFirstRand Bank, i-Absa Bank, iNedbank ne-Investec Bank.

Kuzokhumbuleka ukuthi ezinye izinkampani ezihlaziya isimo somnotho, okuyiFitch neStandard & Poor’s bona besebevele bewubeke ovucwini umnotho wakuleli.

OLUNYE UDABA: Umnotho wakuleli wakhiwe ngaphansi kwesisekelo sengcindezelo

IMoody’s kayigcinanga ngamabhange ngoba ngoLwesithathu silale isiyehlisile i-Eskom, Sasol, Airports Company of South Afrca ne-MTN.

Ngokusho kwesazi somnotho uSolwazi Bonke Dumisa ukubekwa kwamabhange kuleli zinga kusho ukuthi asezohlawula kakhulu nawo uma eboleka imali emazweni angaphandle okuzokwenza ukuthi nawo anyuse inzalo uma ebolekisa ngemali.

“Lokhu kakusho ukuthi amabhange ngeke esabolekisa ngemali kodwa uma abantu beboleka, bangazithola bekhokha inzalo eningi kunabebezoyikhokha umnotho wamabhange ungakafakwa kwiBaa3,” kuchaza uDumisa.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.