Kusenzima emndenini kaLundi ukwamukela isimo - Umbiko

2017-01-28 08:21

Johannesburg – Kubikwa ukuthi kunzima emndenini kaLundi Tyamara ukwamukela ukuthi lo mculi akasekho emhlabeni, lokhu kuvezwe yimenenja kaLundi, u-Anele Hlazo.

ULundi, 38, udlule emhlabeni ezintatha ngoLwesihlanu e-Edenvale Hospital, kanti ubesehlale esibhedlela kusukela ngoDisemba ophelile, kubika iDestiny.

Lo mculi wahlatshwa ukugula ngemuva kokuvakashela eChina.

ULundi kwatholakala ukuthi une-TB yesisu kanye nenkinga yesibindi.

Isimo sakhe sibebucayi kakhulu ngoMsombuluko, waze wangeniswa egunjini labagula kakhulu esephefumula ngemishini.

OLUNYE UDABA: "Ulwile uLundi kodwa kwamnqoba ukufa"

Nakuba bekunjalo, abangani bakhe bebenethemba lokuthi uzosinda.

“Ngizomkhumbula njengomuntu obeneqiniso, uma ubenenkinga nawe ubekuqonda ngqo angalokhu egudla iguma,” kusho uHlazo.

Uqhube ngokuthi kunzima kakhulu emndenini ukwamukela isimo: “Bakhungathekile kulandela ukushona komfowabo. Abakakholwa ukuthi akasekho ngempela.”

UHlazo unanele ngokuthi abantu kumele bakhumbule uLundi ngesiphiwo abenaso somculo.

Okwamanje imininingwane mayelana nomngcwabo ibingakaqinisekiswa.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.