Kusenzima kwabalahlekelwa yizihlobo engozini yase-Pinetown

2016-11-22 16:01

Durban - Kukhunjulwe labo abashona kwisibhicongo esadlula nemiphefumulo engu-27engozinii yeloli yangonyaka ka-2013, ePinetown.

Le nkonzo yesikhumbuzo ibibanjelwe enkundleni zemidlalo KwaNdengezi ngeSonto lapho bekumenywe khona izihlobo zalabo abashona.

Omunye ongumfelokazi kaMnuz Stanley Mhlongo owashona kule ngozi uNksz Neli Mhlongo, 50, ukhale ngosizi abhekene nalo njengoba ekhulisa izingane ezine eyedwa futhi engasebenzi.

“Namanje kusenzima ukwamukela lesi sigameko esenzeka njengoba sengiwumuntu okhulisa yedwa izingane engasekho ubaba okwakunguyena owayebeka impuphu emsamo,” kubeka uNksz Mhlongo.

Uphinde waveza ukunganeliseki ngendlela imali yesinxephezelo ayithola ngayo njengoba ethi ukushona komyeni wakhe kwamunikeza isinxephezelo esingekho uma ezwa ngeyatholwa ngabanye.

Lo mama ukhale nangokuthi akatshelwanga ngalo mcimbi, uzwe ngomunye womakhelwane othe kumenyezelwe ebandleni eMgungundlovu ukuthi kuzoba nale nkonzo.

OLUNYE UDABA:Ufuna isinxephezelo sezigidi owayesolwa kolukaMeyiwa

UNksz Zibuyile Dlamini, 32, waseRichmond ongumfelokazi kaMnuz Sbonelo Dlamini naye owashona kulengozi, ukhala esifanayo ngobunzima abhekene nabo ekhaya njengoba esekhulisa izingane ezintathu eyedwa kungekho umuntu omsizayo.

UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu- Natali uMnuz Mxolisi Kaunda uveze ukuthi iningi labantu abashonayo ezingozini, ngabagibeli besifazane nezingane nalabo abashayiseka emgwaqweni.

Unxuse abantu ngokuyeka ukushayela bephuzile, ukungayithobeli imithetho yomgwaqo nokusebenzisa imoto engekho esimweni sokuba semgwaqweni.

Lo mkhuleko ubuhanjelwe izikhulu eziningi zezinhlaka ezahlukene zikahulumeni kanye namabandla ahlukene.

Kubuye kwabikwa ukuthi uzobanjwa minyaka yonke ezindaweni ezahlukene ukukhumbula labo abashonela ezingozini zomgwaqo, kubika i-Eyethu News.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.