Kusetshenziswa ezokuxhumana ukuyenga abesifazane abafuna umsebenzi

2016-07-25 14:31

Durban- Amaphoyisa asephakamise ukukhathazeka kwawo ngokukhuphuka kwesibalo sabantu besifazane abathenjiswa umsebenzi ongekho ezinkundleni zokuxhumana.

Lokhu kungemuva kokuboshwa kwendoda eneminyaka engu-30 ubudala esolwa ngokusebenzisa inkundla yezokuxhumana ukuheha nokudlwengula abantu besifazane oThongathi enyakatho neTheku.

OLUNYE UDABA: Ishaye uvala intombi ithumela izithombe zenduku yesoka ku-Whatsapp

Kusolwa ukuthi le ndoda yathumele owesifazane umqhafazo kuWhatsapp emthembisa umsebenzi.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthe laba besifazane bathatha bayiswa endaweni esehlane lapho umsolwa kusolwa ukuthi wayebahlukumeza khona ebabamba inkunzi.

UGwala uthe: "Umsolwa wathembisa laba besifazane ababili imisebenzi wabahambisa endaweni esehlane ezimobeni oThongathi la abopha khona isisulu esisodwa izandla. Esinye isisulu sakwazi ukubaleka sayobikela amaphoyisa.

"Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko umsolwa waqhubeka nesenzo sakhe ezibi engaboni ukuthi usebukwa amaphoyisa wabanjwa oqotsheni ehlukumeza isisulu," kuqhuba uGwala, kubika i-SABC.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.