Kushaqeke umphakathi kutholakala ikhanda lowesifazane endaweni

2017-10-14 08:42

Durban - Izakhamuzi zaKwaNjobokazi, eduzane naseHammarsdale entshonalanga yeTheku, zisashaqekile kulandela isigameko esihlasimulisa umzimba esenzeke endaweni.

Iphephandaba iDaily Sun lithole ukuthi kutholwe ikhanda lowesifazane ehlathini. Leli khanda litholwe ngumuntu obedlula ngendlela ngoLwesithathu ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLieutenant Colonela Thulani Zwane, usiqinisekisile isigameko.

"Amaphoyisa endawo avule idokodo," kusho uZwane.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa ubeyisigebengu umfana onqunywe ikhanda eMlazi - Umbiko

Induna uJacob Meyiwa, ithe bashaqekile ngesikhathi bethola lezi zindaba. "Asikaze sizizwe izigameko ezifana nalesi sokunyamalaa kwabesifazane endaweni.

"Ngithole ngesigameko izolo ebusuku, ngakho angilibonanga ikhanda."

UMeyiwa uthe isigodi saKwaNjobokazi sikhulu, ngakho ikhanda ngabe selihlonziwe ukube zonke izakhamuzi zakuzo zonke izigceme zaziswa ngalo. 

Le nduna ithi kwagcina kudala ukutholakala kwezicubu zomuntu, azikho izigameko ezifana nalezi ezenzeka kulandela ukhetho lwango-1994.

Ithi mhlawumbe ikhanda lilahlwe ngumuntu wangaphandle kule ndawo ngoba efuna ukufihla ubufakazi.

 - Daily Sun

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.