Kushaqwe izibhamu ezisetshenziswa odlameni lwabamatekisi eKZN

2017-08-11 12:31

Durban – Kutholakale izibhamu, "iningi lazo ezisetshenziswe ezigamekweni zodlame lwamatekisi", enyakatho yeKwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa uMajor General Bheki Langa lithi izibhamu, okubalwa kuzona ama-AK47 amabili, zitholwe amalungu amaphoyisa aseLembe, awophiko lwe-K9 eMhlali nophiko lwezobunhloli ngoLwesithathu.

"NgoSuku lwabesifazane, kusukela ngo-03:00 ekuseni, amaphoyisa aphume umkhankaso ogqugquzelwe ezobunhloli KwaMaphumulo, eSundumbili naseNgudwini. Abefuna izibhamu kanye nabasolwa abafunwayo,” kusho uLanga.

Ziyisikhombisa izibhamu ezingekho emthethweni, kanye nezinhlamvu ezitholakele. Izibhamu zihlanganisa ama-AK47, i-303, izibhamu ezincane kanye noqhwasha, esho.

OLUNYE UDABA: Lidedelwe ngebheyili iPhini likaNgqongqoshe 

"Lezi zibhamu bezisetsheniswa kakhulu izigamekweni zodlame lwamatekisi nasezigamekweni zokungezwani,” kusho uLanga.

Abasolwa abahlanu batholakale nezibhamu ezinhlanu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

"Zonke izibhamu ezishaqiwe zizohlolwa ukuthola ukuthi akhona yini amacala ezithinteka kuwona endaweni. Abasolwa ababoshiwe bavele eNkantolo kaMantshi KwaDukuza naKwaMaphumulo ngoLwesine.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.