Kushayisana ukukhuluma kuT'zozo noProfessor

2017-02-12 15:26

Durban - Kushayisana ukukhuluma phakathi kukaT'zozo noProfessor mayelana nendaba yokusebenzisana kwabo. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uT'zozo, ogama lakhe langempela nguThokozani Zulu, noProfessor Langa bake bashisa izikhotha bendawonye, kodwa lagqabuka igoda, omunye washona le nomunye washona le.

Kuleli sonto leli phephandaba likhulume noT'zozo, waveza ukuthi kusengenzeka baphinde babonakale bekhipha umculo ndawonye, wathi sebeke bayibhunga le ndaba.

"Sike sakhuluma noProfessor ukuthi kumele sibuyele e-studio sobabili senze ingoma eyodwa. UProfessor akabanga nayo inkinga njengoba ethe sizoyenza kulo nyaka leyo ngoma," kusho uT'zozo.

Okudidayo wukuthi ngakolunye uhlangothi uProfessor akakhombisanga ukuthi kukhona ulwazi analo ngengoma athi uT'zozo bazoyikhipha.

Uthe yena umatasa nemisebenzi yenkampani yakhe iPropper Files. "Awukho umsebenzi weT'zozo and Professor ozophuma okwamanje ngoba ngimatasa nami nabaculi bami," kusho uProfessor.

OLUNYE UDABA: UT'zozo ukhumbule izihlobo esezadlula

Nokho uthe akanankinga yokusiza uT'zozo emsebenzini wakhe wathi kodwa abakazukukhipha ndawonye.

UT'zozo uzwakala ewumuntu olambele kakhulu ukubuyela emculweni njengoba ekhala ngokuthi ukhumbule abalandeli bakhe. Uthi sekuyisikhathi sokuba akhiphe induku okudala eyifihlel emqubeni. UT'zozo and Professor badume ngezingoma zabo eziningi ezazishisa izikhotha, ethi Woze'Durban, Amantombazane nezinye.

Ngonyaka wezi-2010 lahlakazeka leli qembu, uProfessor wakhipha i-album yakhe eyayishisa bhe. UT'zozo yena akakhiphanga luthi kwaze kwaba ngowezi-2013, lapho owaze waqhamuka khona ne-album engenzanga kahle  ezimakethe yize noma kwakunengoma eyayishisa izikhotha esihloko sithi Shilolo. Ngemumva kwalokho akabange esakhipha a-lbum kuze kube yimanje. 

Utshele leli phephandaba ukuthi nakanjani abalandeli bakhe bazokujabulela eza nakho njengoba sekunesikhathi eside enyamalele emculweni.

Kunengoma abasanda kuyikhipha noDJ Nkoh esihloko sithi Mjonge wenzani. Ukuzwakala kule ngoma uthi sekumfakele ingcindezi eyisimanga, abantu bacabanga ukuthi ngeyakhe. Kule ngoma kucula yena uT'zozo kanye noBhiza wodumo lweGobisiqolo.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.