‘Kushaywe’ abasolwa ngokugqekeza, kwaboshwa amalungu omphakathi

2017-07-28 16:00

eMgungundlovu - Kuboshwe namalungu omphakathi azibambele umthetho ngezandla ashaya izigebengu endaweni yaseRaisethorpe, eMgungundlovu.

NgoMgqibelo abenhlangano evikela umphakathi baziswa ngesigameko sendlu eyayigqekezwa, baphuthuma lapho bababamba oqotsheni abasolwa.

Abizwa amphoyisa kodwa angafika kanti eminye imibiko ethi abambezeleka ukufika. 

Umphakathi wavimbezela abasolwa ubabhaxa baze basho ukuthi izimpahla abazebayo bazibeka kuphi.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa athungatha abasolwa ngemuva kokushiswa komtholampilo

Kwatholakala omabonakude, izimpahla ezisebenza ngogesi kanye nezintambo zikagesi kule ndawo.

Babelokhu beshaywe njalo kusalindwe amaphoyisa, ngenhlanhla bakwazi ukuphunyula babaleka basizwa wukumisa imoto yamaphoyisa ayayizihambela ngakule ndawo.

Okhulumela amaphoyisa aseMountain Rise uCaptain Gay Ebrahim ukuqinisekisile ukuthi abasolwa baphunyuka bamisa imoto yamaphoyisa eyayihamba hamba endaweni, babika udaba lwabo.

“Izisulu zisesibhedlela lapho zelashwa khona, kanti kuboshwe abathathu ngecala lokuzama ukubulala,” kusho u-Ebrahim.

Ababoshiwe babuye bakhululwa ngebheyili ngalo lolo suku ebusuku, kubika i-KZN Eyethu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.