Kushaywe indoda ephazamisekile ngokomqondo yashona embhikishweni

2017-09-29 16:01

Johannesburg – Owesilisa ophazamisekile emqondweni kusolakala ukuthi ushaywe waze washona ngabeRed Ant Security Services, eMidvaal, eningizimu yeGoli ngoLwesine, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Isidumbu sale ndoda sitholakale kuR59 ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wezidingo zomphakathi, kusho okhulumela amaphoyisa uKay Makhubela etshela iNews24 ngoLwesihlanu.

Kube sekuvulwa icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu okwamanje, esho.

IRed Ant Security Services ngoLwesihlanu ithe izokwazi ukuphawula ngalolu daba ngokuhamba kwesikhathi.

UMakhubela uthe lo mgwaqo usavaliwe kanti amaphoyisa asiqaphe ngeso lokhozi isimo.

OLUNYE UDABA: Kushone ababili embhikishweni onodlame eTshwane

IMeya uBongani Baloyi utshele iNews24 ukuthi izakhamuzi zikhala ngodaba lomhlaba kuleya ndawo.

Uthe ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho, kuhizilizane amaRed Ants nomphakathi, izakhamuzi zijikijela ngamatshe.

Kuthiwa amaRed Ants abezama ukuvimbela izakhamuzi ukuba zivale umgwaqo ngamatshe namathayi avuthayo, kusho uBaloyi.

NgoLwesihlanu olwedlule, kushone abantu ababili kulandela ukusuka kwezibhelu kubangwa umhlaba eLenasia, eningizimu yeGoli.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.