Kushaywe umhlengikazi emtholampilo

2016-12-19 18:05

Durban - Kusuke esinamathambo kwaphazamiseka ukusebenza emtholampilo waKwaDukuza, ogwini olusenyakatho yekwaZulu-Natal ngoLwesithathu ngesikhathi amadoda angaziwa egulukudela phakathi efuna usizo ngenkani maqede angenela abahlengikazi ngenduku.

Lesi sigameko sishiye abahlengikazi nezinye izisebenzi zalo mtholampilo bethukile, okuholele ekutheni ngoLwesine ekuseni bangayingeni eyokusebenza ngoba benovalo.

Ngokuthola Kwaleli phephandaba, laba bantu kuthiwa bebephuma emcimbini wasemsebenzini wabo, bangene kulo mtholampilo bephelezele uzakwabo okuthiwa ubelimele bafike bafuna ukuthi kusizwe bona njengoba bebephuthuma.

OLUNYE UDABA:Uhlafuna ejeqeza umhlengikazi ozingelwa izinkabi

Kuthiwa indlela abebenolaka ngayo, bashiye abangalazi kubahlengikazi bebatshela ukuthi mabayeke ukwenza kancane babasize.

Umthombo weLANGA osebenza kuwona lo mtholampilo, uthi laba bantu bebebonakala ukuthi badle amanzi amponjwana.

Uthi bafike bethwele umngani wabo badlula abanye abantu abebehleli belinde usizo. Bafike bathuka inhlamba bethi abahlengikazi benza kancane besho nokubaqeda ngenduku.

"Basuke lapho baya komunye umhlengikazi okuthe uma ebatshela ukuthi ucela balinde kancane, bamngenela ngenduku bemusho ngayo yonke inhlamba. Kubizwe onogada kodwa laba bantu baqhubeka nabebekwenza. Kungene nabanye abebengaphandle bahlusula isango elingenela emtholambili. Kugcine kulimele abahlengikazi ababili, omunye kuze kwadingeka ukuba aphuthunyiswe esibhedlela. Le nto kade sasikhala ngayo kulo mtholampilo ngoba akusona isigameko sokuqala lapho abantu behlukumeza abahlengikazi ngenxa yokuhlala isikhathi eside," kusho umthombo.

Uthi into eyenza abantu balinde isikhathi eside wukuthi izisebenzi zakulo mtholampilo zincane kakhulu - okwenza yonke into ihambe kancane.

Uthi ngesikhathi lo mtholampilo uvulwa, kwenziwa ukuba usebenze imini nobusuku kodwa izisebenzi zakhona zanele ukusebenza emtholampilo osebenza emini kuphela.

"Ngesikhathi kuthiwa kumele kusetshenzwe imini nobusuku, kwahlukaniswa bona laba bahlengikazi abancane. Le nto isiqhatha nomphakathi ngoba wona kawuzazi zonke izinkinga esibhekene nazo kulo mtholampilo. Besifisa ukuba umnyango ungenelele kulolu daba ngoba kuzongcina kulimele abahlengikazi beshaywa wumphakathi osuke ungazi ukuthi nabo abahlengikazi kungaphezulu kwamandla abo lokhu," kusho umthombo.

Uthi ngoLwesine kuze kwadingeka ukuba kube nomhlangano ophuthumayo ohlanganisa izinyunyana nabaphathi bemitholampilo kamasipala kuxoxwe ngezinkinga ezibhekana nabahlengikazi. Lo mhlangano ugcine uhleliselwe uNhlolanja (February).

Esitatimendeni esikhishwe wuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, kuvele ukuthi ungqongqoshe wawo, uDkt Sibongiseni Dhlomo usigxeka kakhulu isenzo zokushaywa kwezisebenzi zomnyango.

"Ngeke sikubekezelele noma kuphi ukuziphatha okungabeka izisebenzi engcupheni ekubeni zenza umsebenzi obaluleke kanjena. Umsebenzi owenziwa yilaba bantu kakumele uphazanyiswe noma ngabe ngubani," kusho uDkt Dhlomo esitatimendeni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.