Kushe kwangqongqa imizi eyisikhombisa eLimpopo

2018-04-28 10:46

Limpopo - Amaphoyisa aseBotlokwa, phandle kwasePolokwane, aphenya ngesigameko sokusha kwengxenye yeMotumo Trading Post.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthi onogada abebekhona babone ilangabi base bebikela amaphoyisa.

UNgoepe uthi abezimo eziphuthumayo kanye navezicishamlilo baphuthume kule ndawo bathola ukuthi izindlu kanye nendawo yokubamba izinkomfa ziyasha.

"Uphenyo lokuqala lubonisa ukuthi ziyisikhombisa izindlu ezifulelwe ngotshani ezishe zangqongqa nakho konke okuphakathi kanti lomonakalo ungale kuka-R100 000.

OLUNYE UDABA:Kushone isiguli kuqubuka umlilo esibhedlela

IMotumo Trading Post yasungulwa uMasipala wesiFunda saseCapricorn ngo-2003 yase ithuthukiswa ngezigaba ezimbili phakathi kuka-2006 kuya ku-2009.

Imbangela yalo mlilo kayaziwa okwamanje kodwa uphenyo lusenziwa.

Kunxuswa abanolwazi mayelana nalokhu okwenzekile baxhumane noLieutenant Colonel Matome Makhura ku-082 565 8611.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.