Kushiswe imizi emibili ngemuva kokuthi inkantolo ikhiphe abantu abebehlala kuyo

2018-03-07 18:00

Johannesburg - Amaphoyisa ngoLwesithathu aqinisekise ukuthungelwa ngomlilo kwemizi emibili eTurffontein, eningizimu yeGoli.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Lorraine Emmerik uthe abantu abebehlala kule mizi bakhishwe yinkantolo endlini ngoLwesibili.

"Umphakathi ube usuthukuthela ngokwenziwe yinkantolo yize ukukhishwa kwabo bekusemthethweni," kusho u-Emmerik.

OLUNYE UDABA:Kushiswe izindlu embhikishweni waseMamelodi

"Kushiswe umuzi owodwa izolo ebusuku. Uphenyo luyaqhubeka ukuthola imbangela yomlilo. Namuhla ekuseni, iqeqebana labantu libuthanele ngaphandle komunye umuzi.

"Ngisendaweni yesigameko njengamanje kanti ngingaqinisekisa ukuthi yomibili imizi ishisiwe," kusho u-Emmerik.

Kube sekushiswa imfucuza phakathi nomgwaqo kusona lesi sigameko. U-Emmerik, nakuba kunjalo uthe isimo asinalo udlame kanti futhi bekungakaboshwa muntu.

 - TWITTER:

 - TimesLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.