Kushiswe isitimela ebesibheke KwaMashu

2017-05-26 14:03

Durban - Asizange sisafika KwaMashu isitimela ebesilibangise kuleli lokishi ngoLwesithathu ebusuku, sapaka esiteshini sesitimela iTemple.

Abagibeli abebebhodla umlilo kusolakala ukuthi bashise amakhoshi amathathu bahlasela onogada namaphoyisa.

Kuthiwa la bagibeli babe sebemasha bebheke kuDumisani Makhaye Drive lapho okusolakala ukuthi bavale khona umgwaqo ngamathayi avuthayo bashaya izimoto ezidlulayo ngamatshe.

OLUNYE UDABA:Abagibeli badune isitimela, basikhomba KwaMashu ngenkani

Umgibeli uSandile Mchunu, 39, utshele iphephandaba iDaily Sun ukuthi isitimela sipake ngo-17:30 ngaphandle kwencazelo. Ngemuva kwehora, abagibeli bavele badinwa baqala bamemeza.

"Abanye bahambe ngezinyawo ukuya emakhaya kanti abanye basala bethembe ukuthi bazohlelelwa ezinye izinto zokuhamba," kusho uMchunu.

Uthe ngesikhathi zingafiki ezinye izinto zokuhamba ngezithuba zabo-19:00, abagibeli bacasukile base beshisa amakhoshi.

"Akulungile lokhu. Sithenga amathiki enyanga, asinayo imali yokugibela amatekisi."

Uthe abagibeli bebefuna ukutshengisa abakwaPrasa ukuthi abathokozile. UDumisani Mbili, 50, uthe kwesinye isikhathi isitimela asifiki nhlobo.

"Ekuqaleni kwenyanga, sagcina silala esiteshini sesitimela," kusho uMbili.

U-Isabel van der Westhuizen oyibamba lemenenja yakwaPrasa uthe, abagibeli bashise amakhoshi amathathu. 

"Sikhiphe amabhasi okubagodukisa, kodwa nawo bawajikijele ngamatshe."

UColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa aseGreenwood Park.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.