Kushiswe izimoto ezintathu ezisebenza njengamatekisi ePitoli

2017-09-14 13:59

Pretoria – Kungqongqiswe amatekisi amathathu eSunnyside, ePitoli ngoLwesithathu ngesikhathi kuqhubeka ingxabano phakathi kwabashayeli be-uber nabama-meter taxi.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Daniel Mavimbela uqinisekise isibalo samatekisi ashisiwe ngoLwesithathu, kanti elokugcina lishiswe ebusuku.

Amatekisi amabili ashiswe ngesikhathi abashayeli beyolanda abagibeli, kusho uMavimbela.

OLUNYE UDABA:Kugcine kumenele umshayeli we-Uber owashiswa

Kuvulwe amacala amathathu okucekela phansi impahla esiteshini samaphoyisa nelokushaya elivulwe ngomunye wabashayeli be-Uber.

Abe-uber abatholakalanga ukuba baphawule.

Lokhu kukhombisa ukuthi kuyaqhubeka ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabashayeli bama-Uber kanye nabama-meter taxi njengoba bekhala ngokuthi abe-Uber babaqedela amakhasimende.

UNgqongqoshe wezokuThutha uJoe Maswangabnyi noNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula balugxekile lolu dlame kanti futhi sebehlele nomhlangano wokuzama ukuthola isisombululo ngalolu daba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.