Mexico City — Izivakashi ezingu-11, cishe
zonke okungezaseMexico, zishonile ngoMsombuluko engozini yebhasi eyenzeke eTulum.
Iziphathimandla
zithi kushone abesifazane abangu-8, abesilisa ababili kanye nengane enezinyanga
ezimbili izelwe ngesikhathi ibhasi ligingqika eQuintana Roo.
Kulimale inqwaba yabagibeli kulesi
sehlakalo.
Funda nalolu daba: Ushumpulwe isandla obegqekeza
Kusaphenywa ngembangela yengozi.
Abaseshi bathi umshayeli webhasi
ubengakatholakali kanti kungenzeka ukuba ubalekile.
Ibhasi belithwele izivakashi ebezisuka eVeracruz
zilibhekise eCancun khona eMexico.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).