Durban – Ingozi okushone kuyo abantu abangu-11 okubalwa kubona nosana olunezinyanga ezingu-11 luzelwe kanye nengane eneminyaka emithathu ubudala ishiye abasebenzi bezempilo eKZN bethuthumela, kusho uNgqongqoshe wezempilo eSibongiseni Dhlomo ngeSonto.
“Baphazamiseke kakhulu abasebenzi bethu, ikakhulukazi abezimo eziphuthumayo abafike endaweni yesehlakalo baphuthumisa izisulu esibhedlela. Bekunzima kakhulu futhi nakulabo abathatha izidumbu okudingeke ukuba bathathe inqwaba yazo bazihambise emakhazeni aseHarding.”
Funda nalolu daba: Kuboshwe ababili ngokubulawa komlimi eKZN
UDhlomo uthe kuyethusa ukuthi ingozi eyodwa isingaze idlule nemiphefumulo yabantu abangaka.
Esitatimendeni, uDhlomo uthe kugingqike iveni endaweni yaKwaMbotho eHarding ngeSonto ebusuku, kwashona abantu abangu-11.
Okhulumla uDhlomo, uDesmond Motha, utshele iNews24 ukuthi iningi lezisulu bekungabantu besifazane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).