Baghdad – Izwe lase-Iraq lizozila izinsuku ezintathu kulandela ukushona kwabantu abangu-119 kulandela ukuqhunyiswa kwemoto kwinxanxathela yezitolo, kubika i-eNCA.
Lokhu kwenzeke ngeSonto enkabeni yesifunda iKarrada ngesikhathi kuhlanganyele amakhulu abathengi njengoba kuphela isonto lokuzila nokuyinto ehambisana nenkolo yamaMuzilemu.
OLUNYE UDABA:Kushone 46 amadelakufa eziqhumisa emathempelini
Lokhu kuqhunyiswa kwale ndawo kwenziwe ngamadelakufa amaMuzilemu kanti kesi isona senzo esibi kakhulu esenzeke kuleli lizwe kulo nyaka.
Undunankulu wakuleli uHaider al-Abadi umemezele ukuthi kuzozilwa izinsuku ezintathu kusukela ngoMsombuluko ukuzwelana nemindeni yalabo abashonile kanye nalabo abangu-180 abalimele.