Kushone 12 iloli lishayisa isixulu sabantu

2016-12-20 10:01

Berlin - Iloli lishayise isixuku sabantu emakethe esenkabeni yedolobha laseBerlin ngoMsombuluko ebusuku, kwashona abantu abangu-12 kwalimala abangu-48.

UNgqongqoshe wezangaPhakathi eJalimane usechaze lesi sigameko njengesihambisana nobushokobezi.

Amaphoyisa ku-Twitter athe abophe umuntu oyedwa kanti omunye obegibele iloli yena ushonele khona lapho endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Kutholakale inyoka esihlahleni sikaKhisimusi

Bekungakaziwa ukuthi umshayeli ungelakuphi izwe, kanti kuthiwa ubalekile endaweni yesehlakalo ngaphambi kokuba aboshwe ngokuhamba kwesikhathi.

Abezindaba baseJalimane bathi ngokwemithombo yezokuphepha kunobufakazi obukhomba ukuthi umsolwa ungowase-Afghanistan noma ePakistan kanti ufike kwelaseJalimane ngoFebhuwari.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.