Kushone 2 wezingane nendoda zibulawa yintambo yekhayidi

2016-08-17 17:30

New Delhi – Kushone izingane ezimbili nendoda eNdiya ngemuva kokusikwa uqhoqhoqho yizintambo ezigoqwe mngegilasi ezisetshenziselwa ukundizisa amakhayidi ngesikhathi kuqhubeka umgubho we-Independents Day, kusho amaphoyisa.

Lesi sehlakalo sidale ukuba uhulumeni waseDelhi lezi zintambo zingabe zisenziwa, zingadayiswa futhi zingabekwa lezi zintambo ezibukhali njenge-razor.

OLUNYE UDABA: Kubulawa ingane yesikole kubhikishwa

Uhulumeni uthe ozobanjwa enalolu hlobo lwezintambo ezibizwa nge-manjha, uzogwetshwa iminyaka emihlanu ejele aphinde ahlawuliswe imali engu-R20 000.

Izingane, eneminyaka emine ubudala neneminyaka eyisithupha ubudala zishone ezigamekweni ezahlukene eNew Dehli ngoMsombuluko ngemuva kokuba zivele ngewindi olukuphahla lwezimoto ezazizigibelile.

"Izingane zaziphume ngamawindi ngesikhathi zigaxwa yile ntambo eyingozi," kusho iPhini lekhomishana lamaphoyisa asenntshonalanga neDehli uPushpender Kumar.

Indoda eneminyaka engu-22 ubudala esigamekweni esahlukene nayo ishone ngendlela efanayo nalezi zingane ngesikhathi igibele isithuthuthu sayo , kusho elinye iphoyisa.

Akukaboshwa muntu kulandela lezi zigameko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.