Kushone 2 wezingane zisha nomuzi eLimpopo

2018-03-06 07:33

Thohoyandou - Izingane ezimbili ezineminyaka engu-3 nengu-4 ubudala zishe zangqongqa nendlu eLwamondo-Khumbe village eduzane naseThohoyandou, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoMsombuluko.

Lezi zingane zishone zilele zodwa endlini ngeSonto ebusuku ngesikhathi omakhelwane bebona kushunqa intuthu kubo kwazo.

"Amaphoyisa nabezicishamlilo babizelwe endaweni yesigameko, umuzi wonke ubusushe wangqongqa ngesikhathi befika. Imbangela yomlilo ayikaziwa, kodwa amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo," kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA:Zishonile izingane ezine ezishe nomjondolo zilele eN West

Izingane zihlonzwe njengezilamani, uRolivhuwa Tshifaro no-Ophunaho Tshifaro.

UNgoepe unxuse ukuba abazali nabaqaphi bezingane ukube baqiniseke ngaso sonke isikhathi ukuthi izingane ziphephile.

"Izingane kufanele zihlale ziqashiwe ngaso sonke isikhathi. Abazali bayacelwa ukuba baziqaphe izingane zabo bazisondeze eduze, ikakhulukazi lezi ezisencane kakhulu, ukugwema nokuzivikela kwizigameko ezifana nalezi."



 - African News Agency/ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.