Kushone 3 wabantu ebebeqwala intaba ende kunazo zonke

2017-05-22 11:00

Kathmandu – Kushone abaqwali bentaba abathathu eMount Everest, oyedwa wanyamalala ngempelasonto ebimatasa kakhulu kule ntaba ende kunazo zonke emhlabeni, kusho izikhulu nabahleli bohambo ngoMsombuluko.

OwaseMelika ushonele ngasesicongweni, kwaduka owaseNdiya esebuyela emuva kulandela ukufika ngempumelelo esicongweni, kusho abahleli bohambo.

URoland Yearwood, 50, waseGeorgiana, e-Alabama, ushone ngeSonto kodwa imininingwane egcwele ibingakatholakali, kusho uMurari Sharma we-Everest Parivar Expedition Agency, okuyinkampani ezinze eKathmandu, enhlokodolobha yaseNepal.

OwaseNdiya, uRavi Kumar, uxinwe ukugula ngesikhathi esehla entabeni ngoMgqibelo, akafikanga enkanjini eseduzane, kusho uThupden Sherpa we-Arun Treks and Expedition.

OLUNYE UDABA: Kushone izithandani zizitika ngocasni esidlangalaleni

UKumar ufike phezulu entabeni – nalowo abehamba naye -  abantu abaningi sebehambile nokwenze bangaluthola usizo ngesikhathi exinwa ukugula esebuyela ezansi, kanti kumanje akaziwa, kusho uSherpa.

Kushone omunye waseSlovakia, uVladimir Strba, 50, e-Everest ngeSonto, kusho isikhulu soMnyango wezokuVakasha uGyanendra Shrestha ngoMsombuluko.

Omunye oshonile nguFrancesco Enrico Marchetti, 54, ongowase-Australia, eQueensland, ngokusho kwephephandaba iHimalayan Times. Eminye imininingwane ibingakatholakali.

Isibalo sabantu asebeshonile kusukela ngoMashi, bahlanu, kanti uyedwa ongakatholakali.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.