Kushone 3 wabantu kungqubuzana izimoto ezine

2017-10-02 14:03

Bloemfontein – Kushone abantu abathathu kwalimala abane engozini yezimoto eyenzeke ku-N8 phakathi kwaseBloemfontein nasePetrusburg esifundazweni iFree State, kusho abosizo lokuqala ngoMsombuluko.

Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-19:30 ngeSonto, kusho okhulumela iNetcare911 uNick Dollman esitatimendeni.

"Imibiko endaweni yesigameko ithi izimoto ezine zibandakanyeke engozini,” kusho uDollman.

OLUNYE UDABA: Kushone 4 wabantu engozini enyantisa igazi

Uthe abosizo lokuqala bezinkampani ezahlukene basize abantu abayisikhombisa endaweni yesigameko, okubalwa kubona nengane.

Izisulu zithole ukulimala ngezindlela ezahlukene, njengoba kukhona ezithole imihuzuko kanye nezinye ezilimale kabi.

"Ngeshwa, abantu abathathu kwabayisikhombisa abalimale bashonile, kwadingeka nokuba kubizwe abezicimamlilo ukuze kusetshenziswe izindlawu ukubakhipha ezimotweni.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.