Kushone 5, kwalimala 13 wabantu kwenyantisa igazi eThekwini

2018-03-19 16:01

Durban – Kushone abantu abahlanu kwalimala abantu abangu-13 ngesikhathi kushayisana amatekisi amabili kanye neloli e-Effingham, enyakatho yeTheku, ngoMsombuluko.

Ingozi enyantisa igazi yenzeke ku-Queen Nandi Drive ngase-Engen Garage, ngabo-06:00 ekusnei, kusho okhulumela iRescue Care uGarrith Jamieson.

"Kushayisane amatekisi amabili kanye neloli, ngaphambi kokuba itekisi enye igingqikele. Abantu abane bafe ujuqu ngaphambi kokufika kwabosizo lokuqala, kanti oyedwa wesifazane, obelimele kabi, ushone ngokuhamba kwesikhathi, ngemuva kokuphunza kwemizamo yabosizo lokuqala ukuhlenga impilo yakhe,” kusho Jamieson.

OLUNYE UDABA: Abamapulazi bafuna kubanjwe izingxoxo nomphakathi

Uthe abanye abagili amalimele bathole ukwelashwa endaweni yesigameko, ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene eThekwini.

"Kufike nendiza yabosizo lokuqala endaweni yesigameko yathatha ebelimele kabi, yamphuthumisa esibhedlela esiseduzane,” kusho uJamieson.

Okhulumela ampahoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi kushone abantu abahlanu endaweni yesigameko.

"Abangu-13 abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bezothola ukwelashwa okunzulu.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.