Kushone 6 wabantu kungqubuzana amatekisi

2017-08-05 10:24

Durban – Abantu abayisithupha, okubalwa kubona nezingane zesikole, bashonile, kwalimala abangu-14 ngoLwesihlanu, ngesikhathi kungqubuzana amatekisi amabili ngaseDalton KwaZulu-Natal, kusho abosizo lokuqala.

"Abantu abayisithupha, okubalwa kubona nezingane zesikole, bashonile. Abantu abayisikhombisa basesimeni esibucayi kanti abanye futhi abayisikhombisa balimale kabi. Bangu-14 abantu abangeniswe ezibhedlela ezahlukene,” kusho okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak.

UVermaak uthe abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko ngezithuba zabo-17:00, bathola elinye lamatekisi livutha amalangabi emgwaqeni u-P158.

OLUNYE UDABA: Utholakale edindilizile obesolwa ngokubulala iphoyisa

"Enye itekisi itholakale ihlakazekile. Iningi labagibeli lichitheleke ngaphandle. Ngeshwa, izingane ezine, okukholakala ukuthi zineminyaka ephakathi kuka-13 nengu-15 ubudala, zishonile.

Uthe kunengane yesikole okwembulwa kwembeswa kuyona, okumanje iphefumula ngosizo lwemishini.

Uthe imininingwane egcwele ngengozi ibingakaziwa kodwa iziphathimandla zendawo zizokwenza uphenyo.

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.