Kushone 6 wabantu kungqubuzana iveni nemoto encane

2018-01-11 14:07

Johannesburg – Kushone abantu abayisithupha kwalimala abanye abathathu ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokungqubuzana kwezimoto ku-N12 ngaphandle kwasePotchefstroom, kusho abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 ngoLwesine.

Okhulumela i-ER24 uRussell Meiring uthe abosizo lokuqala bale nkampani, kanye nabakwezinye izinkampani, bafike endaweni yesigameko cishe phakathi kwamabili, bathola iveni nemoto encane phakathi komgwaqo.

Zombili izimoto bezilimele kabi, kanti bayisithupha abantu ebebesemotweni encane, bebathathu evenini.

"Abosizo lokuqala bahlole abalimele emotweni encane bathola ukuthi abesilisa ababili, owesifazane oyedwa kanye nezingane ezimbili, ezineminyaka ephakathi kwemithathu nemine ubudala, bebelimele kabi futhi bezingekho izimpawu ezikhomba ukuthi basaphila,” kusho uMeiring.

OLUNYE UDABA: Kulimale izitshudeni kusuka isiphithiphithi ekolishi eLimpopo

"Bekungekho obekusangenziwa ngabo, kwaqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi ukuthi bashonile.”

Abosizo lokuqala basebenzise imishini ukuhlenga impilo yomunye obelimele kabi emotweni encane, waphuthunyiswa esibhedlela ngendiza enophephela emhlani.

Kulabo ebebesevenini, uyedwa okuqinisekiswe ukuthi ushonile kanti abanye ababili bayiswe esibhedlela nge-ambulensi.

UMeiring uthe akwaziwa okwamanje ukuthi yini edale ingozi.

- ANA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.