Kushone 6 wabantu kuphaphalaza imoto emgwaqeni

2018-04-03 11:00

Johannesburg - Abantu abayisithupha, okubalwa kubona nezingane ezintathu, bashonile kwathi abanye ababili balimala engozini eyenzeke ku-N2 phakathi kwaseGrahamstown nasePort Elizabeth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoMsombuluko.

"Imoto ebidonsa isigadla kubukeka sengathi iphaphalaze ejikeni,” kusho uCaptain Mali Govender.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ababili ngecala lokubulawa kowesifazane

Izingane ezintathu, kanye nabantu besilisa abathathu bashonile. Abesifazane ababili, oyedwa kubona osesimeni esibucayi, baphuthunyiswe esibhedlela.

UGovender uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.

Umphathi wamaphoyisa aseGrahamstown uBrigadier David Kanuka udlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.