Kushone 7, kwalimala 4 engozini eyenzeke e-KZN

2018-03-06 16:01

Johannesburg – Kushone abantu abayisikhombisa kwathi abanye abane balimala ngesikhathi imoto itholana phezulu neveni ngoLwesibili, kusho abezimo eziphuthumayo.

"Kube nengozi enyantisa igazi eyenzeke ku-R74 phakathi kwaseBergville neHarrismith, ngasemgwaqeni ochezukela eRoyal National Park," kusho okhulumela abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal, uRobert McKenzie.

"Ngeshwa, kushone abantu abayisikhombisa. Bashonele endaweni yesigameko. Abanye abantu abane balimale kabi base bethola usizo lwezempilo endaweni yesigameko, ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela."

Imbangela yengozi ibingakacaci kahle okwamanje, kusho uMcKenzie.

Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, kushone umsolwa odutshulwe esigamekweni sokuphanga eRandburg, eGoli.

I-video yalesi sigameko itshengisa owesilisa ohlomile ewa ngesikhathi ezama ukugibela emotweni emhlophe ebihamba ngesikhathi izama ukumcosha.

Amaphoyisa aseqinisekisile ukuthi babalelwa ku-20 abasolwa abebehamba ngezimoto ezintathu abebehlose ukuhlasela imoto yemali ngoLwesibili ntambama.

Amaphoyisa adubule umsolwa oyedwa, kwathi abanye bakwazi ukubaleka nesamba semali esingadalulwanga.

Buka i-video ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.