Beijing – Kubulawe abantu abangu-8 eChina esifundeni iXinjiang,
okubalwa kubona nabathathu ebebehlasela ngemibese, kusho iziphathimandla
ngoLwesithathu.
Ngokwesitatimende esifakwe kwi-website kahulumeni,
isigameko senzeke ngoLwesibili ebusuku ePishan County eningizimu yeXinjiang.
Uhulumeni uthe abasolwa abathathu baphinde balimaza
abanye abantu abahlanu ngaphambi kokuba badutshulwe babulawe ngamaphoyisa.
OLUNYE UDABA: Kushone oyedwa kwalimala abanye kushayisana iguzu nesitimela
Nakuba iXinjiang ingesinye
sezifunda ezinhlanu ezizimele eChina, abesizwe i-Uighur ngokuvamile
bayanqatshelwa ukuba baphume kulesi sifunda ngenxa yemibandela ebekwe
yiBeijing.
Uhulumeni esitatimendeni
akazange asho ukuthi ngabe ababulali bangamalungu e-ETIM yini, evame ukuhlasela
eChina nangaphandle kwaleliya lizwe.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).