Kushone ababili ezingozini ezenzeke eCarletonville

2016-07-30 14:07

Cape Town - Utholakale eseshonile emotweni yakhe owesilisa ebiseceleni komgwaqo eCarletonville ngoMgqibelo ekuseni kulandela ukwehlelwa yingozi, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo uRussel Meiring uthe bathole le ndoda ibhajwe ngaphakathi emotweni ebilele ngokhakhayi.

"Abezimo eziphuthumayo bangene ngaphakathi kule moto bathola ukuthi le ndoda isishonile ngenxa yokulimala kabi.

OLUNYE UDABA: Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

"Ngebhadi bese kungekho esingakwenza ukuqinisekisa ukuthi iyasinda," esho.

Esigamekweni sesibili, iloli itholane phezulu nemoto encane, kwashona umshayeli wemoto encane, oweloli wasinda.

Engozini yesithathu, kulimale kabi owesilisa kulandela ukushayisana kwezimoto ezimbili ezincane, khona eCarletonville.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.