Cape Town – Kushone amadoda amabili ngesikhathi iveni
lenkampani elungisa amapayipi liginqikela lapho kwakhiwa khona.
Le ngozi yenzeke ngoMsombuluko emini kumgwaqo u-N1.
Okhulumela amaphoyisa uMaxine Bezuidenhout uthi leli veni
liginqike layowela lapho kwakhiwa khona lashayisa umakhi oyedwa.
OLUNYE UDABA:Kushone oyedwa kuginqika iveni ngaseDalton
“Kushone oyedwa obegibele kuleli veni kanye nomakhi
osebenzela lapho eliginqikele khona,” kusho leli phoyisa.
Le ngozi isidale isiminyaminya esikhulu kulo mgwaqo kusukela
emgwaqeni ophumela ku-Old Oak.