Kushone ababili kuphahlazeka indiza enophephela emhlane ngaseMagalies

2017-09-04 16:00

Magaliesburg - Kushone abantu ababili ngesikhathi kuphahlazeka indiza enophephela emhlane eMagaliesberg ngeSonto, ngokusho kombiko.

UBen Laas waseHartbeespoort kanye no-Annene le Roux, ofundisa ukushayela e-Eagle Air Flight School, eWonderboom, bashone kule ngozi.

OLUNYE UDABA:Kushone umshayeli kuphahlazeka indiza eGauteng

Ngokubika kwephephandaba iKormorant lithi le ngozi yenzeke emini phakathi kuka-11:00 no-12:00 le ndiza isanda kusuka esikhumulweni sezindiza eWonderboom.

Abe-Civil Aviation Authority bathi bazoya kule ndawo okwenzeke kuyo ingozi bayohlola isimo, benze uphenyo ukuze kubonakale ukuthi yenzeke kanjani le ngozi.

Kwesinye isigameko, amaphoyisa aqhuba uphenyo kulandela ukuthi owesilisa waseLenasia edutshulwe washona kulandela ingxabano ebiphakathi kwengane yakhe nomunye umfana.

Kukholakala ukuthi lezi zingane ezimbili esezikhulile beziqophisana ngamazwi ngesikhathi ubaba womunye wazo ehosha isibhamu wadubula omunye.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.