Kushone abafundi bewelwa wudonga esikoleni

2016-07-01 14:31

Kathmandu – Izimvula ezinkulu ezine ezingxenyeni zezwe zidale ukuthi kuwe isikole eNepal, kwashona abafundi ababili kwathi abangu-24 balimala, kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa atshele i-AFP ukuthi lezi zingane bezenza uGrade 3.

Aqhube ngokuthi ziwelwe yizindonga zekilasi zifunda.

"Kushone abafundi ababili kwathi abangu-24 balimala ngemuva kokuwa kwalolu donga,” kusho isikhulu samaphoyisa uPitambar Adhikari.

OLUNYE UDABA: Kushone 10 kuwa udonga eNdiya

Abalimele bathola ukwelashwa ezibhedlela ezahlukene eLalitpur, kusho u-Adhikari etshela i-AFP.

Kudingeke ukuthi zonke izingane zigodukiswe ngemuva kwalesi sigameko.

Kushona inqwaba yabantu njalo ngonyaka ngenxa yezinhlekelele ezidalwa yizimvula ezina zingenamkhawulo kuleliya lizwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.