Kushone abahlanu engozini eLimpopo

2017-09-02 13:01

Johannesburg - Amaphoyisa aseHoedspruit ngasePhalaborwa aphenya icala lokubulala ngokungenhloso kulandela ukushona kwabantu abayisihlanu ngesikhathi kugingqika iveni.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ku-R536 ngaseZandspruit ezintatha ngoMgqibelo, kusho amaphoyisa aseLimpopo, kubika iThe Citizen.

Kusolakala ukuthi iveni yakwaChevrolet ebithwele amadoda angu-12, kubalwa nomshayeli, besuka endaweni yokucima ukoma eseduzane ngabo-03:30 - ivelelwe yingozi.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu abangu-5 kwalimala abane engozini e-E Cape

“Umshayeli uhlulekile ukuyilawula yase ishayisa isihlahla ngaphambi kokugingqika,” kusho okhulumela amaphoyisa uLt-Col Moatshe Ngoepe.

Kube sekushona amadoda amahlanu endaweni yesigameko, kubalwa nomshayeli. Abashonile baphakathi kweminyaka engu-26 no-53 ubudala.

Amanye amadoda amahlanu asesimeni esibucayi esibhedlela iTintswalo Hospital, e-Accornhoek. Laba abanye bathole imihuzukwana.

“Amagama abashonile abengakaziwa okwamanje. Imbangela yale ngozi ibingakacaci kanti amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo,” kusho uNgoepe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.