Pretoria - Kushone abantu abane kwathi imijondolo ebalelwa ku-100 yacekeleka phansi emlilweni oqubuke emijondolo yasePlastic View, ePitoli, kusho iTshwane Emergency Services.
“Sithole ucingo ngabo-01:00,” kusho okhulumela leli thimba uJohan Pieterse.
Kuthe sekufika abezimo eziphuthumayo, imijondolo engu-50 ibisivele ithungeleke ngomlilo, kanti nomoya yiwo obhebhethekise umlilo kakhulu, esho.
OLUNYE UDABA: Kushone abayisithupha kusha umjondolo
“Bekunzima ngoba umoya ubumkhulu kakhulu. Sigcine sikwazile ukucima umlilo ngabo-04:00.”
Ithimba libe seliqala lithungatha izidumbu ngabo-04:00, lathola ezine.
UPieterse uthe basaqhubeka nokuthungatha abanye abantu okungenzeka ukuthi bashonile kulesi sigameko.
Uthe bekungakacaci ukuthi yini equbule umlilo.