Kushone abane kushayisana izimoto zase zigqamuka umlilo e-KZN

2018-03-12 14:01

Durban – Kushone abantu abane ngemuva kokushayisana kwezimoto ezimbili zase zigqamuka amalangabi emgwaqeni onguthelawayeka u-N2 phakathi kweHibberdene nePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Le ngozi ebiphakathi kweloli nemoto encane yenzeke eSouthport ngabo-21:30 ngeSonto ebusuku, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele.

OLUNYE UDABA: Kushone omunye futhi umdlali engozini yemoto

"Abantu abathathu abebeselolini encane kanye noyedwa obesemotweni encane bashonile kulesi sigameko," kusho uMbhele.

Okhulumela iNetcare 911 uShawn Herbst uthe imibiko abayithole endaweni yesigameko itshengisa ukuthi lezi zimoto zombili zigqamuke umlilo ngemuva kokushayisana.

Uthe abashonile batholwe ngemuva kokuba kubhulwe umlilo.

Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.

ISITHOMBE:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.