Kushone abangu-11 kubheduka i-cholera

2016-07-19 14:33

Juba – I-UNICEF ithi sekushone abantu abangu-11 kulandela ukubheduka kwe-cholera eSouth Sudan, kanti kunokwesabela ukuthi lesi sibalo singase sikhuphuke.

Le nhlangano ithe ngoLwesibili kunezigameko ezingu-72 ezisolwayo okwamanje, okubalwa ezingu-36 enhlokodolobha iJuba.

OLUNYE UDABA: Iyaqhubeka nokubhebhetheka i-cholera eZim

UMnyango wezeMpilo eSouth Sudan awukamemezeli ukuthi kunobhedukane ngoba basahlola igazi okokugcina ukuqinisekisa lezi zinsolo, kusho isikhulu soMnyango uDkt Akim Ujjiga.

UMnyango ukhiphe lesi sexwayiso ngeSonto ngemuva kokuvela kwesigameko zokuqala ngoLwesihlanu esibhedlela esiseJuba.

Kusatshelwa ukuthi lesi sifo sizobhebhetheka kugule inqwaba yabantu, ikakhulukazi labo abahlezi ezinkanjini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.