Kushone abangu-22 kusuka isiphithiphithi esiteshini sesitimela

2017-09-29 17:59

New Delhi - Kushone abantu abangu-21 ngesikhathi kusuka isiphithiphithi esiteshini sesitimela esisedolobheni olisogwini olusentshonalanga yaseNdiya, iMumbai, ekuseni ngoLwesihlanu.

Kulimale abanye abantu abangu-20 ngesikhathi kududulwana ebhulohweni, abanye abantu bawa phansi begxotshwa abanye ngezinyawo.

Abantu bebeminyene ngaphansi kompheme bebalekela imvula enkulu, isimo savele sasibi kakhulu endaweni, kusho uShaina Nana Chudasama weBhartiya Janata Party.

OLUNYE UDABA:Kushone odado abayisithupha begxobana ngezinyawo

Amaphoyisa athe lesi sehlakalo sidalwe amahemuhemu athi kuwe ibhulohwe labantu abahamba ngezinyawo kwabe sekuqala isibhudubhudu abantu bebaleka befuna ukwehla kulo.

Izehlakalo ezifazana nalesi zijwayelekile ngesikhathi semigubo yezenkolo eNdiya, lapho abantu bebuthelana khona ezindaweni ezincane ezingaphephile noma lapho abantu bengalawuleki khona.

Kuthiwa lesi sibalo singase sikhuphuke ngenxa yokuthi baningi abantu abalimele kulesi sigameko.

"Bekunabantu besifazane abangu-34 abebelimele kabi, angazi noma basindile yini," kusho uTanaji Kamble etshela i-AFP.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.