Kushone abangu-26 engozini yebhasi enyantisa igazi

2016-07-03 14:01

Beijing – Kushone abantu abangu-26 kwathi abane balimala engozini yebhasi eyenzeke enyakatho neChina, lapho ibhasi ishayise izinsimbi ezibiyele umgwaqo, yase ingena emhosheni.

Izithombe ezithathwe endaweni yesigameko zitshengisa abatakuli bekhipha izidumbu ebhasini elicwile emanzini.

OLUNYE UDABA: Kushone inqwaba engozini yebhasi enyantisa igazi

Leli bhasi elihamba amabanga amade belithwele abantu abangu-30 lisuka esifundazweni iHebei liya eShenyang, kusho umbiko weXinhua News Agency.

Umbiko uqhuba ngokuthi leli bhasi lishayise ngemuva kokuqhunyelwa yisondo, umshayeli wase eyahluleka ukulilawula lashayisa izinsimbi ezisonqenqemeni lomgwaqo, layokhalakathela emhosheni.

Abasindile kube yilowo oqoqa amathikithi, umshayeli wesibili kanye nabagibeli ababili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.